Jump to content

Wb/zu/Funda ukubala Kahle

From Wikimedia Incubator
< Wb | zu
Wb > zu > Funda ukubala Kahle
Isahluko 1

Bala.

Yonke indawo esiyibhekayo inezinto. Kodwa umbuzo obalulekile wukuthi lezo zinto ziyingaki, ukwazi loku kubalulekile.
Zinengike izindlela zokubala, singabala ngesiZulu sibese sibhale phansi ngobawu olumele leyonamba njengoba senza phansi ngokukhombisa isithombe bese sisho ukuthi ziyingaki izinto ezisesithombeni ngokusembenzisa uphawu lokubala kanye nesiZulu.

Isibonelo sokubala
IntoInambaNgesiZulu
x 1Kunye
xx 2Kubili
xxx 3Kuthathu
xxxx 4Kune
xxxxx 5Isihlanu
xxxxxx 6Isithupha
xxxxxxx 7Isikhombisa
xxxxxxxx 8Isishiya galombili
xxxxxxxxx 9Isishiya galonye
xxxxxxxxxx 10Ishumi

Kulesibonelo esiphezulu kuyake kwenzeke ukuthi izinto esinazo zingezeke. Zingangezeka ngokuthi abazali basithengele nobe omunye wabangani bethu asi.

Isibonelo:

Uma uSipho angipha ipensela lakhe ngizoba nangaki yamapensela uma benginelilodwa?

Impendulo:

Ngizoba namapensela amabili (nobe 2).

Ngekwezibalo lesehlakalo esiphezulu singaphalwa nje:

1+1=2

Loluphawu + luchaza ukuhlanganisa, kanti libizwa ngo hlanganisa/umhlanganisi (nobe u-plus ngesiNgisi) Kanti lolu = luchaza umphumela, kanti libizwa ngokuthi umphumela/kunika (nobe u-equal ngesiNgisi).